Umnyango wezokuvakasha uyaziqhenya ngentsha eKZN
Written by Lethiwe Mdluli on 15 February, 2019
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Umnyango wezokuvakasha kuleli uthi kuyawujabulisa ukubona izinhlelo ezincane eziqhamuka nentsha yakuleli zikhula ziletha umnotho kulesifundazwe.
lomnyango uthi uhlelo lwayo lweMarathon yasedamini eyaziwa ngeDusi Marathon, olwaqhamuka nentsha selufake imali elinganiselwa ku 6million wamarandi kulesifundazwe.
lomjaho uvuleleke nasezivakashini eziqhamuka emazweni angaphandle.
Okhulumela lomnyango, uThuli Galelekile, uthi loku kunezelela imali efakwa yiloluhlelo njengoba lezivakashi zihlala emahhotela ahlukene kulesifundazwe uzuphele.
“Okumnandi ngabo ukuthi basuke bevakashele la, abagcini nje ngokuthi bafike bezogijima kwiMarathon kodwa bayahlala, beza ingakaqali leMarathon baphinde bahlale uma leMarathon isiphelile mesebeyaqala bavakashele izindawo eziningi kulesifundazwe. Lokhu kusho ukuthi uma sebephindela emazweni akubo, bafike baxoxe ngalesifundazwe okuzokwenza ukuthi sibe nezinye futhi izivakashi,” kusho uGalelekile.
Listen below: