uMogoeng Usechaze uMthiyane Njengobhuti Kuye
Written by Mfundo on 3 February, 2021
By: Zilungile Mkhize
Inhloko yamajaji uChief Justice Mogoeng Mogoeng, usechaze lowo owayengumengameli wamajaji osathatha umhlalaphansi enkantolo yokudlulisa kwamacala uKhayelihle Mthiyane njengolisebenze izwe lakhe.
uMogoeng uhambele umngcwabo kaMthiyane oqhubeka eNatal Sharks Board, eThekwini, kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni ngezigulo ezihlobene neCOVID-19.
Lelijaji lishona nje, kusanda kufihlwa umkalo naye ubehaqwe isifo esifanayo.
uMthiyane, wangena esikhundleni sikaMengameli wamajaji ngo 2012 kuya ku 2014,
Ngesikhathi ekhuleka enkonzweni yomngwabo uMogoeng ukhulukele ukuba iphele iCOVID-19 ezweni kusinde nemiphefumulo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo uNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi bazosebenza ngokuzikhandla ukuhamba ezinyathelweni zalowo owayengumengameli wamajaji osathatha umhlalaphansi enkantolo yomthethosisekelo uKhayelihle Mthiyane.
uZikalala uqhuba ngokuthi lomakade ebona ubeliqinisekisa ukuthi imiphakathi iyavikeleka ngasosonke isikhathi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.