UMolefe Ufakaza Ngezitimela Ezazinkulu Kunojantshi

Written by on 10 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Owayesikhulu esiphezulu kwa Transnet uBrian Malefe usechaze ngezinsolo ezenziwa ngowayengunjiniyela kulenkampani, uFrancis Collared, ezithi lenkampani yayizothenga inqwaba yezitimela enkampanini yase China, ezazingakulungele ukusebenza kuleli lengabade.

UMolefe wethula ubufakazi kukhomishana ephenya nge State Capture, ehlezi eGoli.

Uthi yena akazange akweseke ukuthengwa kwezitimela enkampanini iChina South Rail (CSR), kodwa onjiniyela bayo lenkampani beza kulelizwe ukuzohlangana nabakuleli kanye nezikhulu zakwa Transnet, kuboniswane ngaphambi kokuqala kwezingxoxo zezimali.

Uthi ngesikhathi sebeqala besebenzisana, benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izitimela ezazizothengwa azibizi ngokweqile, egcizelela ngokuthi zikhonake ezinye izindleko ekwadingeka ukuthi ithimba lakwaTranset libhekane nazo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UMolefe usephinde waphika izinsolo zokuthi iziphathimandla zalenkampani zanyusa imali yokuthengwa kwezitimela ngendlela engaqondakali futhi enobudedengu.

Phambilini kulekhomishana kwavela ukuthi iTransnet yayizokonga u-R1.2 billion ithenga izitimela ezingu 100 enkampanini iMitsui ngo R3.188 billion, kunokuzithenga kwa CSR ngo R4.4billion.

UMolefe uthi babedinga inkampani ezovumelana nesiphakamiso sabo sokuthi bathenge ngemali engeke ilokhu yenyuka njalo emva kweminyaka eyisikhombisa ngenxa yentela nokunye.

Echaza ukuthi kungani imali yenyuka kunaleyo eyayibekelwe ukuthenga izitimela, uMolefe usho kanje,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background