UMolefe Ukhala Ngokuzitshwa Kobufakazi Bakhe

Written by on 3 March, 2021

By: Zilungile Mkhize

Owayeyisikhulu esiphezulu kwa Eskom, uBrian Molefe, uthi wayengazi ukuthi owayengumengameli wezwe uJacob Zuma wayenezinhlelo zokumqokela esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe wezezimali ngo 2015.

uMolefe usho kanjena eseqedela ukwethula ubufakazi bakhe kukhomishana ephenya nge state capture eGoli.

Phambili kwaba khona ofakazi abatshela lekhomishana ukuthi uZuma wayefuna ukumqoka njengongqongqoshe uMolefe.

Uthi uma zazikhona ezinhlelo ezinjalo, azizange zifinyelele ezindlebeni zakhe, ngisho nasehhovisi lakhe imbala, egcizelela ngokuthi wayengadinge sizo lwamuntu ngekusasa lakhe.

uMolefe useyiphikile nemibiko ethi waba nesandla ekutheni inkampani enobudlelwano nabakwa Gupta iTegeta ithole ithenda lamalahle lika 1.6-billion wamarandi.

Useqhube ngokusola ohola ukwethula kobufakazi kulekhomishana, uAdvocate Pule Seleka, ngokuzama ukumufunza ubufakazi afuna ukubuzwa yena.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background