uMontana Uchaza ngoZuma kwaPRASA

Written by on 20 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

Owayeyisikhulu esiphezulu enkampanini yezitimela kahulumeni iPRASA, uLucky Montana, uthi lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma akaze azame ukugxambukela kulenkampani.

uMontana wethula ubufakazi ihlandla lesibili kukhomishana kaZondo ephenya istate capture.

Ofakazi abaningi asebevele phambi kwalekhomishana basola uZuma ngokugxambukela ezikhungweni zikahulumeni, esebenzisana nabomndeni wakwaGupta.

Abanye ofakazi batshele usihlalo walekhomishana uRaymond Zondo ukuthi baziswa yilomndeni ukuthi bazoqokelwa ezikhundleni ezithile zikahulumeni, kanye nokuba ngongqongqoshe.

uMontana uthi uZuma akaze angenelele emsebenzini wakhe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background