Umphakathi Aweneme Ngekhansela

Written by on 4 May, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Amalungu omphakathi eFrance eMgungundlovu, athi afuna uNobhala weANC KwaZulu-Natal, uMdumiseni Ntuli, abuye azolungisa ukukhethwa kwamakhasela.

Lamalungu angaphansi kwesifunda i-Moses Mabhida athi lokhu kunjengoba uNtuli  ayethembise ukuzolungisa izinkinga zakulomphakathi ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka owedlule.

Idlanzana lamalungu e-ANC kulendawo ebeligqoke izimpahla zalenhlangano liphume lama emgwaqeni uRichmond Road licula izingoma zomzabalazo, liphethe izingqwembe ezichaza ngokungenami kwalo.

U-Nompendulo Ngubane uyabika:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background