Umphakathi Ugane Unwabu Kulandwa Impahla Etatshiwe

Written by on 21 July, 2021

By: Mfundo Mabaso

Amaphoyisa asevundulule inqwaba yempahla eyebiwa ngesikhathi kutatshwa endaweni yase Springfield, eThekwini.

Abakwas’dlodlo bangenela lomphakathi babuya nezimpahla okubalelwa kuzona ama fridge, imishini yokuwasha, ama microwave, kanye nokunye.
Lolu uhlelo lukahulumeni olubizwa ngo #Veza i-Reciept, lapho kulandwa khona izimpahla ezebiwa ngesikhathi kunemibhikisho ngesonto eledlule.
 
Khonamanjalo, umphakathi walendawo usuzwakalise ukungenami ngendlela lomkhankaso oqhutshwa ngayo.

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background