Umphakathi Ushise Umuzi weSangoma Usinuka Ngobuthakathi
Written by Mfundo on 28 June, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Umphakathi wase Dambuza (Entabeni) eMgungundlovu usushise umuzi wesangoma endaweni.
Lokhu kulandela emva kokuthi kutholakale isidumbu sengane eneminyaka emine (4) yomfana, uMlando Zuma, esitamkokweni phakathi egcekeni lalesi sangoma.
Lomphakathi okumanje udinwe ugane unwabu uthi lona wesifazane awumdingi kule ndawo futhi ngeke uze uvume ukuthi abuye azohlala ngoba uzizwa ungaphephile wona nabantwana bawo.
U-Nompendulo Ngubane uyabika,
Izakhamuzi zakulendawo zithi abantwana bazo abaphephile ngenxa yezigameko zokubulala kanye nokutholakala kwezinto abasola ukuthi izicubu zemizimba yabantu.
Abahlali bathi lokhu akuqali njengoba ezinsukwini kutholakale amathumbu endaweni okusolakala ukuthi nawo awabantu.
Umphakathi ukhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, ubeke kanje,
Khonamanjalo, amaphoyisa akulesifundazwe asenxuse umphakathi ukuthi udedele ingalo yomthetho yenze umsebenzi wayo .
Okhulumela amaphoyisa kulesisifundazwe, uThembeka Mbhele, uthi basalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu okuyiyona ezocacisa ngembangela yokufa komntwana.