Umphakathi Usuwanele Ngomgwaqo Oyikhilomitha Elilodwa Osuthathe Iminyaka Ungaqedwa

Written by on 11 February, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi wase Mbutshana eSweetwaters eMaritzburg, KwaZulu-Natal, uthi ngeke uze uwuvule umgwaqo owuvalile kuze kube umasipala uMsunduzi uletha abasebenzi abafanele ukuzochaza ukuthi ngabe yini edala ukumiswa kohlelo lokwakhiwa ko mgwaqo uD2069 lungabe lusaqhubeka.

Lomphakathi kumanje uvale imigwaqo engenelela kule ndawo ngezihlahla nangamathayi avuthayo, ngoba uthi ufuna izimpendulo ku Masipala uMsunduzi.

Uhlelo lokwakhiwa kwalo mgwaqo oyi khilomitha elilodwa vo, lwaqala ngonyaka ka 2019 ngo February, kanti sekuthathe iminyaka emibili lungapheli yize lukhishelwe imali engango R12 million.

Oyilungu lo mphakathi kule ndawo esiligodlile igama lakhe, ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM usho kanje,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Ukungaxhumani nomphakathi mayelana nezinselelo eziyimbangela yokungaqhubeki kohlelo lokulungiswa kwalomgwaqo.

Ikhansela laku ward 2 kuyo lendawo uSbu Mtshali lithi uyakuqonda ukudinwa komphakathi njengoba lolu hlelo seluthathe iminyaka lungapheli.

Uthi phezu kwemizamo yakhe eminingi  ezama ukuthola izimpendulo ku Masipala uMsunduzi kuze kube imanje lolu hlelo aluphelile.

UMtshali uqhuba ngouthi okudingwa umphakathi ukuthi uMasipala uveze emphakathini ukuthi lolu hlelo luphela nini ukuze kugwemeke izinkinga kubahlali asebekhombise ukuthi sebeyahluleka ukubekezela njengoba sebeveze ulaka labo ngokubhikisha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background