Umphakathi usuxwayiswe ngemibiko engelona iqiniso nge coronavirus

Written by on 12 March, 2020

Ungqongqoshe wezempilo esifundazweni, uNomagugu Simelane-Zulu, usenxuse umphakathi ukuthi uqaphele okuzwayo mayelana nesifo iCoronavirus.

USimelane-Zulu uthi kunemiyalezo engesilona iqiniso edala ukuthi abantu bethuke noma badukiseke njengokuthi lesifo esabantu bebala elimhlophe kuphela.

Uqhuba uthi njengomnyango wezempilo leyo miyalezo abahambisani nayo njengoba ethi lesifo singathelela noma ngabe umuntu waliphi ibala.

ube esenxenxa umphakathi ukuthi uqhubeke nokuzinakekela ukuqinisekisa ukuthi uyazivikela ekutheni uthole lesi sifo.

Listen here:

https://iono.fm/e/829747

By: Nompendulo Ngubane


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background