Umphakathi uthi ukhathele ukungabinawo amanzi
Written by Lethiwe Mdluli on 5 March, 2020
Amalunga omphakathi waseNkandla eMahlayizeni ku-ward 6, athi azoqhubeka nokubhikisha uma lomkhandlu uhluleka ukubhekana nezikhalo zawo.
Lomphakathi izolo uvale imigwaqo ngamathayi avuthayo ukhala ngokungabibikho kwamanzi, ukuqasha ngokwazana kumasipala kanye nokungabibikho komgwaqo.
Oyisikhulumi somphakathi, uSiyanda Biyela, uthi inkinga enkulu ababhekene nayo indaba yamanzi esekuphele izinyanga ezintathu bengenawo.
Listen here:
https://iono.fm/e/826282
By:Lindelani Mbatha