Umphakathi Uvale kwasani Ugane Unwabu

Written by on 15 February, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi wakwa Ngubeni, Elandskop eMaritzburg KwaZulu-Natal, usuvale izikole, umtholampilo kanye nomgwaqo u D1125 wakuyo lendawo ubhikisha ukhala ngokungabinawo amanzi.

Lezizakhamuzi zithi zagcina ukuthola amanzi kusukela ngo-September ngonyaka odlule kanti lokhu sekudale ukuthi ziphile ngaphansi kwesimo esinzima.

Lomphakathi uphinde wavimba ngamatshe imoto yo Masipala Umngeni, umshayeli wayo obeyohlanza elinye lamathangi eligcina amanzi kuyo lendawo ngoba zithi zifuna ukuthola izimpendulo kumasipa UMsunduzi no Umngeni ukuze zicaciseleke ukuthi ngabe yini edala ukuthi zingabi nawo amanzi nezikholelwa ukuthi kukhethwa ibala uma zihlinzekwa ngamanzi.

Amalungu omphakathi ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM asho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background