Umphakathi Uvuke Umbhejazana Ukhala Ngamanzi
Written by Mfundo on 24 March, 2021
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wakwaCogta KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, uthi bazosebenzisana nomasipala wesifunda Ugu ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyahlinzekwa ngezidingo.
uHlomuka uhambele loyamkhandlu kulandela imibhikisho yomphakathi obuganwe unwabu, obuvale imigwaqo ngamathayi avuthayo.
Lomphakathi oshise amaloli, izimoto zomkhandlu kanye namabhilidi ukhala ngokugqoza kokulethwa kwezinsiza, ikakhulukazi amanzi.
uHlomuka uthi bazimisele ukuhlinzeka abantu ngamanzi kanjalo nokukhanda imigwaqo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.