Umphakathi Wase Jozini Awuneme Ngentuthuko

Written by on 17 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Amalungu omphakathi, iningi lawo okuyizaguga ezivela ezindaweni ezahlukene eJozini, athi ziningi izinkinga abhekene nazo mayelana nengqalasizinda angenayo lapho eqhamuka khona.

Laba babe yingxenye yomhlangano eKonya Hall eJozini, lapho amalungu esiShayamthetho saKwaZulu Natal ehambisana neminye iminyango kahulumeni, ehlangane khona nabahlali alalela izinkinga ababhekene nazo.

Izaguga ziveze ukuthi zihamba ibanga elide uma ziyohola imali yesibonelelo sikahumeni, futhi lezo zindawo aziphephile.

Ziphinde zanxusa uhulumeni ukuthi angagcini nje ngokuxoxa kuphela ngokuthuthukisa izindawo abahlala kuzo kanjalo nalapho zihola khona, kodwa afezekise nezinye izethembiso ezenziwa emphakathini njalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background