Umphakathi Wase-PMB Ukhathele Iposi Eliyizeleze
Written by Mfundo on 13 October, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Abahola imali yesibonelelo sika hulumeni okuyimali yesondlo sabantwana, imali yokuguga kanye no R350 okuyimali eholwa ilabo abangasebenzi, bathi bathwele kanzima
njengoba bebuya bephindelela eposini eMgungundlovu kodwa usizo bengalutholi.
Lamalungu omphakathi, iningi elidla imbuya ngothi bathi inkulu inkinga ekhona kuleliPosi yokungasebenzi kwemishini eholela imali.
Leli posi elisemgwaqeni uLangalibalele, kumanje ligcwele liyaphuphuma ngaphandle abantu abanethemba lokuthi bazogcina besizakele bathole imali yabo njengoba bethi sekuphele izinsuku eziningi bebuyela emakhaya belambatha.
Iningi labo lithi livuka ekuseni ngovivi kodwa lokho akusizi ngalutho ngoba baphindiselwa emuva ngaphandle kokuthi lihole ngenxa yokucima kwagesi noxhaxha lwemishini.
Bekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM ngaphandle kwaleliposi, basho kanje:
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.