Umphakathi waseSweetwaters usuvale umtholampilo
Written by Lethiwe Mdluli on 19 February, 2019
By: Nompendulo Ngubane
Ikhansela lase Sweetwaters ku ward 2 ePietermaritzburg, uSbusiso Mtshali, lithi ukuvalwa komtholampilo kulendawo ngamalunga omphakathi akuvumelekile.
UMtshali usho kanje emvakokuba umphakathi wase Sweetwaters naseMpumuza uvale amasango eMpumuza clinic wangavumela muntu ukuthi asebenzise lomtholampilo ngoba uthi kunezinkinga eziningi ezingaxazululiwe kule clinic.
Umphakathi ukhala ngabasebenzi abashodayo, ukulahleka kwama files nokunye okuningi.
UMtshali uthi uwazisile umnyango wezempilo ngezikhalo zomphakathi.
“Abantu angabe bayasizakala abasizakali. Siyathemba ukuthi njengoba sesathola inkululeko, uhulumeni uzokwazi ukubheka ukuthi singenza kanjani ukuthi uma sikhala siwumphakathi sikhale singabaphazamisi abanye abantu. Njengamanje kujika ogogo, omkhulu kanye nezingane azikwazi ukusizakala. Umphakathi uthi awufune muntu, bafuna uMEC,” kusho uMtshali.
Kanti umnyango wezempilo kulesifundazwe uthi uyazi ngezimfuno zomphakathi mayelana neclinic kuleyandawo.
Okhulumela umnyango, uAgiza Hlongwane, uthi bayaqhubeka nokuzibheka izinkinga ekukhalwa ngazo.