Umphathi Sibhedlela Usekhishwe Ngo Dli

Written by on 15 November, 2020

By: Nompendulo Ngubane

Amalungu enhlangano emele abasebenzi i NEHAWU, asekhiphe ngodli umphathi wesibhedlela iNorthdale eMaritzburg u Edward Manyokole  ophume esephethe izikhwama zakhe.

Lamalungu abecula ephethe izinqwembe angene kulesibhedlela aqonda ngqo ehhovisi lika Manyokole kanye nelemenenja yakwa Ndabazabathu uSifiso Cele.

UNobhala we NEHAWU esifundeni iHarry Gwala, uMazwi Ngubane, uthi abasabafuni kulesi sibhedlela ngenxa yokuthi abeneme ngempatho nangesimo sesibhedlela ngaphansi kobuholi babo.

uNgubane uthi okunye okulokhu kuyinkinga enkulu eNorthdale, ukushoda kwezinsiza zabasebenzi zokuzivikela kuCovid 19, ikakhulu njengoba nezibalo zabahaqwe yileligciwane ziya ngokwenyuka esibhedlela nasezweni lonke.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Umnyango wezempilo ubungakatholakali ukuthi uphawule ngaloludaba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background