Umsakazi Ubhoboka Ngamaphoyisa Athathe Ubuntu Bakhe

Written by on 21 June, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi kubalukeile ukuthi abantu bawazi amalungelo abo uma bezithola behlukunyezwa ngamaphoyisa emgaqweni noma inini uma ehlangabezana nawo.

Lokhu kulandela ukusabalala kwe-video ngeledlule lapho usaziwayo-Ngizwe Mchunu ebonakala khona ehilizisana namaphoyisa ngemuva kokumiswa abakwasidlodlo emgaqweni.

Kule-video amaphoyisa abonakala esesha imoto yakhe, unkosikazi wakhe oyisangoma uzwakala ememeza ekhalela izimpahla zakhe ezisaphazwa phansi ngamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa kulesifundazwe, uThembeka Mbhele, uthi ngenxa yobugebengu osebudlisile lapho izigilamkhuba zizenza abantu bomthetho, izakhamuzi zinelungelo lokucela izigqebhezane zobufakazi bokuthi loyo okumisayo uyiphoyisa ngempela.

Uthi umuntu kubalulekile nokuthi athathe ne number plate yemoto esuke imumisile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, lomsakazi uMchunu uthi loludaba uzolinyusela kungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele.

Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, UMchunu uthi usevule icala lokushaya esteshini samaphoyisa eVerulam.

U-Mchunu uyanaba,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background