UMshengu ukhathazekile ngabafundi abangayigqizi qakala iCovid-19

Written by on 12 June, 2020

Ungqongqoshe wezemfundo kulesfundazwe uKwazi Mshengu uthi usejube inhloko yomnyango ukuba ihambele isikole osekusabalele ivideo yabafundi baso bebiza ungqongqoshe kazwelonke ngegama besho ukuthi bona bazele ukudla nje esikoleni abanendaba nokunye.

Laba bafundi babafana ababonakala bedla amasi eskoleni besebenzisa amaruler kanye nezikhwama zamafoni kanti futhi babonakala bengayigcini imithetho yelockdown efaka ukuziqhelelanisa nabanye kanye nokugqoka izifonyo.

uMshengu uthi sebesitholile isikole salaba bafundi kanti sekukhulunyiwe nabo.

Listen here:

Podcast stream by Fabrik.fm

By: Bongani Gina


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background