Umshushisi Uthi uDlamini Wahubhuza Amanga Enkantolo

Written by on 9 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umshushisi, uJacob Serepo, uthi inkantolo yamajaji eGoli kumele ibubhekisise ubufakazi obuthulwe ngowayengu ngqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi uBathabile Dlamini uma isithatha isinqumo.

U-Dlamini usolwa ngokusenga ezimithiyo ngesikhathi evele phambi kwekomidi elalibheka ukuziphatha kwakhe ngesikhathi esengungqongqoshe walomnyango ngo-2017.

Isikhungo esisabalalisa imali yabahlomula ngesibonelelo sikahulumeni iSassa ngalesosikhathi sasisenkingeni yokuthi izofinyelela kanjani imali kubantu njengoba inkampani eyayiqokelwe ukwenza lomsebenzi isivumelwano nayo sase siphelelwe yisikhathi.

U-Dlamini wabesetshela inkantolo ukuthi uma kukhona lapho aqambakhona amanga wayengakuqondile lokho.

U-Serepo uthi owayeyisikhulu esiphezulu kwaSassa uThokozani Magwaza watshela lenkantolo ukuthi wayekuthola kunzima ukutshela uDlamini ngabakwenzayo ngasosonke isikhathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

U-Serepo uqhuba ngokuthi Dulamini wayevele azithulele nje uma bebuza imibuzo ngokubandakanyeka kwakhe kwa-Sassa.

U-Dlamini wabe esetshela inkantolo ukuthi uma kukhona lapho aqamba khona amanga wayengakuqondile lokho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background