Umunyu Kungqoklozwa Ngenhlamvu Ikhansela Endlini Yesonto

Written by on 28 June, 2023

By: Bright Ntuli

Umasipala waseMhlathuze enyakatho yeKwaZulu-Natal uthi usashaqekile kulandela ukudutshulwa kubulawe ikhansela lalomasipala uJohn Myaka obephinde abe ngumfundisi.

UMyaka kubikwa ukuthi udutshulwe izolo phambi kwabazalwane ngaphakathi endlini yesonto eNseleni.

UMeya uXolani Ngwezi uthi uMyaka ubambe elikhulu iqhaza kulomaspala oholwa yi-IFP ngokubuswa ngokubambisana.

UNgwezi usedlulise amazwe enduduzo emndenini,ebandleni nase qenjini lika myaka i-ACDP.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background