Undunankulu Uthi Okuseqhulwini Ukwakhela Izisulu Zezikhukhula Izindlu
Written by Mfundo on 25 April, 2022
By: Sthulile Mdletshe
Undunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikala uthi bafisa ukuthi lithi liphela lelisonto bebe sebakhele abantu abadilikelwe yizindlu zabo, izindawo abazohlala kuzo ngalenkathi besalinde ukwakhelwa izindlu.
U-Zikalala usho kanje ngenkathi ethulela abezindaba umbiko wakamuva mayelana nosekwenziwe uhulumeni ukubhekana nenhlekelele edalwe yizikhukhula kulesifundazwe.
EThekwini bangaphezu kuka 7 200 abantu abasale dengwane ngenxa yezikhukhula, nokumanje asebethole ukukhoseliswa emahholo omphakathi.
Undunankulu uthi bangu 245 abakwa Dukuza enyakatho yeTheku, kanti kunabanye eRay Nkonyeni nase Mdoni, eningizimu yesifundazwe.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.