UNdunankulu Wesifundazwe Uchaze Ngohambo Lokuvakashela Isilo Samabandla

Written by on 19 October, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uNomsa Dube Ncube, uthi enye yezizathu ezenze ukuthi bavakashele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukwethula bonke ongqongqoshe enkosini.

UDube-Ncube nekhabhinethi yakhe okubalwa namalungu eSishayamthetho bahambele iNdlunkulu nalapho uNdunankulu ethule oNgqongqoshe bakhe.

UNdunankulu uthi kubalulekile ukuthi Inkosi yesizwe samaZulu ibazi labo ngqongqoshe futhi iphinde yazi nezinhlelo ezikhona uhulumeni azenza ngokuhlanganyela nendlunkulu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto elizayo kulindeleke ukuthi uhulumeni anikeze isilo isitifiketi emcimbini ozobe uhanjelwe nawumwngameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Nangu uDube-Ncube echaza ngohambo lwabo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background