uNDZ Uzimisele Ukungenelela eNdlunkulu

Written by on 3 May, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nabaholi bendabuko (COGTA), uNkosazana Dlamini-Zuma, usekuqinisekisile ukuthi umnyango wakhe uzimisele ukungenelela ezinkingeni ezigubezele indlunkulu yawaKwaZulu, kodwa uma ucelwa ukuthi wenze kanjelo.

UDlamini-Zuma usho kanjena nje sekuqubuke umbango wamafa eSilo kulandela ukudlula emhlabeni kwebamba bukhosi, iNdlovukazi uMantombi Dlamini-Zulu.

Kanti uNdlunkulu uSbongile naye onguMadlamini, ongunkosikazi wokuqala weSilo, usefake amaphepha enkantolo efuna uhafu wamafa kaNgangezwe lakhe njengoba esola ngisho nokuthi incwadi yefa ekummeli uJerome Ngwenya kungenzeka ibe umkhonyovu.

Ekhuluma ngenkathi eyobhonga emswaneni esigodlweni sakwaKhangelamankengane, uDlamini-Zuma usenxuse ukuthi kube nokuthula, indlunkulu izixazulule njengomndeni izinkinga ebhekene nazo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background