UNgangezwelakhe Ubonga UShenge Ngokumela Iqiniso
Written by Mfundo on 21 August, 2022
By: Lindelani Mbatha
ISilo samabandla wonke uMisuzulu kaZwelithini sesibonge kakhulu kuNdunankulu wesizwe samaZulu uMtwana uMangosuthu Buthelezi ngeqhaza lakhe.
UButhelezi udlale indima enkulu ukuqinisekisa ukuthi ungangezwelakhe uyahlala esihlalweni kusukela kwakhothama uZwelithini kaBhekuzulu.
Umtwana wakwaPhindangene nguye obehola indlela indlunkulu kaZulu obekufanele iqhube ngayo kuze kube iSilo siyabekwa ngokusemthethweni.
Emva kokuphuma kwencwadi yefa yendlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu eyayiphakamisa isilo uMisuzulu, kwaqubuka umbango wesihlalo kanjalo nobunikazi bencwadi yesilo esesakhothama.
Amanye amalunga omndeni asebukhosini aphakamise uMtwana uSmakade kaZwelithini, ukuthi abe yisilo kanti abanye baphakamise umtwana uBuzabazi, ukuba kube nguye ohola uZulu wonkana.
UNgangezwelakhe uthi ubonga ukusebenzisana okuhle okwenziwe uButhelezi kanjalo nokuhlala eqinisweni ngisho ethukwa ngezinkulu izinhlamba.