UNgizwe Mchunu Uthi Udaba Lwakhe Selusezandleni Zenkantolo
Written by Mduduzi Phungula on 7 July, 2023
By: Sithabile Majola
Owayengumsakazi uNgizwe Mchunu uthi uzizwa eselinqobile icala abhekene nalo lokuphehla udweshu olwaholela ekutheni kube nezibhelu abantu bazitapele impahla ezitolo ngo-July 2021.
UMchunu usho kanje ngesikhathi evele eNkantolo kaMantshi eRandburg, eGoli ukuzozwa ngesinqumo senkantolo ngecala abhekene nalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemva kwezibhelu zango July uMchunu kanye nabanye, basolwa ngokuba nesandla ekugqugquzeleni izakhamuzi ukuba zivuke umbhejazane zicekele phansi impahla ngesikhathi befuna kudedelwe owayengumengameli wezwe, uJacoba Zuma ejele.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, uMchunu uthi ngasohlangothini lwakhe, ulikhulume lonke iqiniso, osekusele sekungokwenkantolo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.