Ungoti Uhlaziya Ezomnotho Ngale Kwa-Thaqa

Written by on 5 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomnotho uJabulani Khanyile uthi ukususwa kwesimo senhlekelele kazwelonke akuzukuba namthelela ongako kumnotho wakuleli.

Umnotho weNingizimu Afrika ulindeleke ukuthi ukhule ngo-2.1% kulonyaka.

Izolo umengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi lelizwe bayalikhipha ngaphansi kwesimo senhlekelele ngoba bakholwa ukuthi iCOVID 19 isiyehlile.

Umengameli uveze ukuthi bazoqhubeka nokubheka indlela isimo salolubhubhane esigqubeka ngayo.

U-Khanyile uthi ezinye izinkampani bese zivele zisebenza ngokujwayelekile.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background