Ungoti Uthi Uzwela Ozobhekana no-Ramaphosa kwinkomfa

Written by on 14 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezepolitiki uBheki Mngomezulu uthi impela ozoma endleleni kamengameli weANC uCyril Ramaphosa uzoyisutha induku.

U-Mmngomezulu uphawula kanjena nje, iANC imatasa ilungiselela ukubamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi obuphezulu ngo-December.

Izifundazwe eziningi okufakaphakathi neKZN kulindeleke ukuthi ziphothule ukukhetha ubuholi bazo obuzoba nomthelela omkhulu ukuthi ubani ozoba ngumengameli weANC ekupheleni kuka-July.

Izifundazwe iEastern Cape neMpumalanga kazinabuholi njengoba obakhona buhlakaziwe.

U-Mngomezulu uthi baningi abasakhala impela, njengoba kwenzakalile nakumbutho ezempi ku-ANC iMKMVA.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background