Ungoti Wezombusazwe Uthi I-ANC Kuzomele Ichaze Ngokweseka UMkhize

Written by on 28 September, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezombusazwe uBheki Mngomezulu uthi labo abeseka uZweli Mkhize ukuba athathe isikhundla sokwengamela i-African National Congress (ANC) bazosebenza kanzima ukuchaza izinsolo zenkohlakalo abhekene nazo.

I-ANC KwaZulu-Natal izolo imemezele ukuthi yeseka uMkhize ukuba abe ngumengameli walenhlangano uma sekuyokhethwa ubuholi bukazwelonke ngoDecember.

UMkhize wasula ekubeni nguNgqongqoshe wezempilo emva kokusolwa ngenkohlakalo ethinta iDigital Vibes.

Kodwake iphalamende lamthola engenacala lokufaka ingcindezi emnyangweni wakhe ukuthi kunikezwe lenkampani ithenda kanjalo nendodana yakhe uDedani.

UDedani wahlomula naye kulethenda okusolakala ukuthi yakhishwa kungalandelwanga imigudu efanele.

UMngomezulu uthi kuzomele bachazele umphakathi ngezizathu zabo zokweseka uMkhize.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background