Ungoti wezomnotho uthi bekulindelekile okumenyezelwe abakwa StatsSA
Written by Lethiwe Mdluli on 3 March, 2020
Ungoti wezomnotho, uDante Mashile, uthi bekuvele kulindelekile ukuthi iNingizimu Africa ifadabalelwe ngumnotho kulesisikhathi sonyaka.
Abakwa StatsSA sebememezele lokhu namhlanje, bethi kudalwe ukukhula kancane komnotho ngonyaka owedlule nokwenze ukuthi iNingizimu Africa ilahlekelwe yimisebenzi engaphezu kuka 100 000.
Umengameli, uCyril Ramaphosa, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe abhekiswe esizweni ngonyaka owedlule wathi uzimisele ukudala imisebenzi engu 200 000 njalo ngonyaka.
Njengoba umnotho ufadabala nje kubukeka kuzoba ngumqansa ukudala amathuba emisebenzi.
Listen here:
By: Lindelani Mbatha