Ungoti wezomnotho uthi uhulumeni ubhekene nomqansa wokuvikela umnotho
Written by Lethiwe Mdluli on 14 May, 2020
Ungoti wezomnotho, uDante Mashile, uthi uhulumeni kumele adlale indima emqoka ukuqinisekisa ukuthi imnotho wezwe awufadalali njengoba umhlaba ubhekene neCovid-19.
uMengameli, uCyril Ramaphosa, izolo umemezele ukuthi ekupheleni kwalenyanga iNingizimu Africa izokwehlela kuLevel 3 weLockdown lokho okukhomba ukuthi izindawo eziningi sezovumeleka ukuba zisebenze.
Uphinde wathi kodwa zikhona izindawo ezinabantu abaningi abaneCoronavirus ezizoqubeka noLevel 4.
uMashile uthi uhulumeni ubhekene nomqansa wokuvikela uMnotho kanye nabantu bakuleli.
Listen here:
By: Lindelani Mbatha