Ungqongqoshe ubhodla umlilo ngokudlwengulwa komhlengikazi

Written by on 5 November, 2019

Ungqongqoshe wezempilo kulesfundazwe, uNomagugu Simelane-Zulu, uthukuthele uyaveva kulandela ukudlwengulwa komhlengikazi emtholampilo ongaphakathi esibhedlela, iNkonjeni oLundi enyakatho yesfundazwe.

Lomhlengikazi kubikwa ukuthi udlwengulwe ngeSonto ebusuku ngenkathi esebenza yedwa emtholampilo ongumahamba nendlwana kulesbhedlela.

Izindaba zeGagasi FM sezithole ukuthi lomlisa obezenza isiguli kuthe ngenkathi esabhaliswa yilomhlengikazi wavele wakhipha ummese wamkhomba ngawo maqede wamdlwengula.

Ungqongqoshe, uSimelane Zulu, ubhodla umlilo ngalesigameko.

Listen here:

By: Bright Ntuli


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background