UNgqongqoshe Ucacisa Ngomgomo i-Pfizer
Written by Mfundo on 2 June, 2021
By: Bright Ntuli
Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane-Zulu, uthi kuyamkhathaza ukuthi kukhona abantu abadala abangenalo olwazi olwenele ngemigomo ye COVID-19 nokwenza ukuthi babe nokudideka kanye nokwesaba.
U-Simelane usho kanjena kulandela ukuthi kube nokudideka kubantu abadala kulandela ukwehluka kwezinsuku ekumele bazilinde, ngaphambi kokuthi baphinde bayogoma, uma bejove ngomjomo wakwa Pfizer.
Kuzokhumbuleka ukuthi lomgomo yilo odinga ukuthi ujove ngawo kabili ukuze uvikeleke kulolubhubhane.
Phambilini inhlangano yezempilo emhlabeni iWHO yakhipha umyalelo wokuthi abantu kumele babuyele emva kwezinsuku ezingu 21 ukuyojova okwesibili ngalomgomo, kanti umnyango wezempilo kuleli ususelulile iskhathi abantu ekumele basilinde, waselulela ezinsukwini ezingu 42.
u Simelane uyachaza,