Ungqongqoshe Uhlola Umonakalo Ezikoleni Ezihaqwe Izikhukhula

Written by on 19 January, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Usekela Ngqongqoshe wezeMfundo emazingeni aphansi kuzwelonke uReginah Mhaule uthi yize izimvula ezihambisana nesiphepho zenze umonakalo ezikoleni KwaZulu-Natal, kodwa iningi lazo alikho esimweni sokuthi sezingavala amasango kungafundwa.

U-Mhaule usho kanjena njengoba kade ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo kulesifundazwe, uKwazi Mshengu, bevakashele izikole ngaphansi kwesifunda uMgungundlovu maphakathi ne-KZN, ukuhlola ukuthi ngabe zikulungele yini ukuqala ukufunda.

Ekhuluma eGeorgetown High school ePietermaritzburg, uMhaule uthi kumhlabe umxhwele ukubona abafundi begcwele imigwaqo nemifaniswano yabo ephelele bebheke ezikoleni zabo.

Uqhuba ngokuthi yize zikhona izikole ezikhahlanyezwe yischotho kodwa umnyango usuhambise amagumbi angomahamba nendlwana ukuze ukufunda kuqhubeke.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uMshengu usephinde waphawula ngengqinamba yabazali abagcwala ngaphandle kwamasango ezikole, bebheke ukubhalisa izingane zabo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background