UNgqongqoshe Ukhuze Amahlongandlebe

Written by on 18 June, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UNgqongqoshe osabambile emnyangweni wezempilo uMmamaloko Kubayi-Ngubane, uthi izakhamuzi kuleli maziyilalele imiyalelo ngeCOVID-19 ngoba isalakutshelwa sibona ngomopho.

U-Kubayi-Ngubane usetshele ikomidi elibhekele ezempilo ePhalamende ukuthi abantu kumele basithathele phezulu isinqumo sikahulumeni sokubuyiselwa kwezwe kuLevel 3 wemigomo yokulwisana nalolubhubhane.

Uthi abashaya indiva lemigomo bazibeka engcupheni yokungenwa baguliswe yileligciwane, abanye balahlekelwe ngisho nayimphefumulo.

Uqhuba ngokuthi ukubhebhetheka ngamandla kweCOVID-19 okubonakala kwenzeka njengamanje kubeka wonke umuntu engozini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background