uNgqongqoshe Uqwashisa Umphakathi Ngesimo Sezulu

Written by on 24 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezokubusa ngokubusa ngokubambisana nabaholi bomdabu eKZN uSipho Hlomuka usekhuthaze imiphakathi eyakhele izindawo ekuvamise udlalela izulu kuzo ukuba zihlale ziqaphile njengoba sekungene ihlobo nokuyisikhathi semvula.

Ekhuluma nomphakathi eBhobhoyi, eningizimu yesifundazwe ngenkathi eyokwethula isikhungo esizobhekelela izinhlekelele oGwini uHlomuka umemezele nokuqala ngokusemthethweni koMkhankaso wokuqwashisa ngezinhlekelele esifundazweni.

Uthi njengoba imiphakathi eyakhele umasipala Ugu isinalesikhungo sekuzoba lula ukuba ithole usizo ngokushesha uma kunenhlekelele ebikwayo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background