UNgqongqoshe Uthi Kuzoqiniswa Ibhawodi Kwizikhwama Zemali KoMasipala

Written by on 28 January, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe osabambile ehhovisini likaMengameli, uKhumbudzo Ntshavheni uthi bazimisele ukuqinisekisa ukuthi omasipala bayisebenzisa ngendlela imali.

uNtshavheni ubethulela abezindaba lokho okulindeleke ukuthi kudingidwe emhlanganweni wekhabhinethi.

Kulesisifundazwe uMasipala waseNquthu kanye noMkhanyakude bafakwe ngaphansi kwehlo likamlawuli emvakokuhluleka ukusebenza ngendlela.

uMkhanyakude wona usolwa nangenkohlakalo, ukungaziphathi ngendlela kanye nokusebenzisa imali budedengu.

uNtshavheni uthi omasipala kumele basebenze ngendlela njengoba kuyibo abasondelene nomphakathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background