UNgqongqoshe Uxwayisa Ubuholi Obusha
Written by Mfundo on 24 February, 2021
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe wezolimo KwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, uthi kumele amakhansela kanye nobuholi kuMasipala Umlalazi, enyakatho esogwini kwisifundazwe iKwaZulu-Natal, asebenze ngokuzikhandla futhi ahambise izidingo kubantu.
uSithole-Moloi, nowajustshwa uhulumeni wesifundazwe ukuba abhekelele izindawo ezakhele lomasipala ,usho kanjena amukela ubuholi obusha baseMlalazi, okungu Meya uThulani Dlamini, Usomlomo uMthokozisi Dlamini kanye nosotshwebhu womkhandlu uSumeshni Naicker
Uthi abantu abasuke beqokelwe ezikhundleni akumele bazithele ngabandayo noma bashaye indiva izikhalo mayelana nentuthuko.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.