UNgqongqoshe Uzwelana Nezakhamuzi ZaseMnambithi

Written by on 21 June, 2021

By: Bongani Gina

UNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal, uRavi Pillay, uthi indlela umphakathi otheleke ngobuningi ngayo kwaHlathi eLadysmith uyombha amatshe obukholelwa ukuthi ayidayimane, ilukhombise ngokusobala usizi kanye nobubha abantu ababhekene nabo.

U-Pillay usho lokhu kulandela ukuthi ongoti sebekuqinisekisile ukuthi lamatshe awasilo idayimane abesebebona ukuthi lizobacebisa.

Uthi ukuhambela kwabo kuleyandawo nabo njengohulumeni kubakhombise ukushoda kwentuthuko njengoba imigwaqo ingakhiwe futhi abantu bengenawo namanzi ahlanzekile okuphuza.

U-Pillay uthi sebehlanganise umbiko ngakho konke lokhu abazowudlulisela kuNdunankulu wesifundazwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background