uNkoana-Mashabane uthi wayengazi ngokuhlala kwebhanoyi lakwaGupta

Written by on 22 November, 2019

Owayengungqongqoshe wezokuxhumana namazwe angaphandle, uMaite Nkoana-Mashabane, uthi uBruce Koloane, wenziwa inxusa lakuleli eNetherlands ngoba enesipiliyoni.

uNkoana-Mashabane ubethula ubufakazi phamnbi kwekhomishana ephenya iState Capture eGoli.

uKoloane wazivumela ngokwakhe ukuthi nguye owanikeza umndeni wakwaGupta imvume yokuhlalisa indiza yawo esikhumulweni i-Water Kloof Airforce Base ngo 2013.

Lesisigameko sacasula abaningi njengoba lesisikhumulo sisetshenziswa kuphela umbutho wezokuvikela.

Listen here:

Uqhuba ngokuthi wayengenalo ulwazi ngokuhlala kwebhanoyi elaliphethe umdeni wakwaGupta.

Indiza yakwaGupta eyayiphethe izicukuthwane zalomndeni ezazize emshadweni yahlala kulesisikhungo.

Listen here:

 

By: Lindelani Mbatha


Gagasi FM – Medium Fidelity Stream

What You Want to Hear

Current track

Title

Artist

Background