UNtuli Ubiza i-IFP Ngosomathuba

Written by on 20 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Unobhala we -ANC KwaZulu-Natal, uMdumiseni Ntuli, uthi usamile ekutheni iqembu le-IFP lisebenzise isimo sasebukhosini bakwaZulu ukufeza izimfuno zabo zepolitiki.

uNtuli uthi bayakuqonda ukuthi Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ungu Ndunankulu wakaZulu, kodwa umsola ngkusebenzisa isikhundla sakhe ngaphakathi kwendlu yobukhosi ukuqhubekisela uhlelo lwakhe lwezepolitiki.

Uthi bayazi ukuthi lokhu ukwenze ngamabomu ngoba inhloso yakhe enkulu ukudala isithombe emphakathini sokuthi i -IFP yiyo ephethe uZulu wonkana.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background