UNtuli usezwakalise ukudumala ngengozi edlule nenqwaba yemiphefumulo
Written by Lethiwe Mdluli on 22 September, 2020
Umnyango wezokuthutha kulesfundazwe uthi ushaqekile ngokushona kwabantu abangu 12 abashone engozini phakathi kweloli lika petrol kanye netekisi ngase Greytown maphakathi nesfundazwe.
Ungqongqoshe walomnyango, uBheki Ntuli, uthi phakathi kwabashone kulengozi kubalwa abesifazane abangu 10 kanye nabesilisa ababili kanti oyedwa wabo ubekhulelwe.
Uqhuba ngokuthi kumanje abezomthetho bamatasa bazama ukuthola ukuthi lengozi idaleke kanjani.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo uNtuli usenxuse abashayeli ukuthi baqinisekise ukuthi bashayela ngokucophelela emgaqweni.
UNgqongqoshe kulindeleke ahambele imindeni yabagibeli abashone kulengozi.
UNtuli uthi kuyishwake ukuthi abagibeli bangabe besafinyelela ezindaweni abebeya kuzo ngenxa yobudedengu babashayeli.
Listen here:
By: Bright Ntuli