UNtuli uthi iDA idinga isandla esisha esifudumele

Written by on 7 February, 2020

Owayengumholi wophiko lwentsha lweDemocratic Allience, uMbali Ntuli, uthi uzimisele ukukhombisa abantu bakuleli ukuthi leliqembu lingawenzelani umphakathi nokuthi lingalubuyisa kanjani uzinzo nobumbano kubantu.

uNtuli usethule ngokuphelele umkhankaso wakhe wokuhola leliqembu njengoba engenele umbango wozoba ngumholi.

Lesikhundla savuleka ngesikhathi kusula, uMmusi Maimane, ngonyaka odlule kanti kumanje sibanjwe, uJohn Steenhuisen, ekubhekwe ukuthi abe imbangi enkulu kaNtuli.

Uthi kuningi iDA engakwenzela lelizwe uma nje iholwa ngendlela efanele futhi ngumuntu ozaziyo izinkinga ezikhona emazingeni aphansi.

Listen here:

https://iono.fm/e/812810

Uthi ukungenela kwakhe lomjaho, ingoba ukufuna ukubuyisa imfudumalo kuleliqembu.

Listen here:

https://iono.fm/e/812813

By: Zilungile Mkhize


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background