Unyango Wezemfundo Uphenya Ukuputshuka Kwephepha LikaMatric

Written by on 18 November, 2020

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongoshe wemfundo eyisekelo u-Angie Motshega uthi udumele ngokuputshuka kwephepha le maths lesbili eliputshuke sekusele amahora amabili vo kuthi kubhalwe..

Umnyango wezemfundo eyisisekelo uthi uyaluphenya lolu daba ukuze kutholakale ukuthi liputshuke kanjani.

Izigameko ezifana nalezi sezijwayelekile njengoba kungasikhona okokuqala kuputshuka iphepha lika-matric.

eLimpopo ngo-2016, iphepha lesibili le maths laputshulelwa abafundi baseGiyani, balisabalalisa kuWhatsapp kwathi Ngo-2015 kwaputshuka iphepha lesayensi yezempilo esifundeni saseVhembe eLimpopo.

Ngo-2014, nakhona ukuhlolwa kukamatikuletsheni kwachaphazeleka ngehlazo lokukopela ezikoleni ezingu -58 e-Eastern Cape na KwaZulu-Natal.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli, ungqongqoshe uMotshekga uthi lesi senzo sesibeke engcupheni ubuqotho bezivivinyo, zikamatikuletsheni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background