UNyazilwezulu Luxwayisa Ngokushiswa Kwengqalasizinda

By: Lindelani Mbatha

Umholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni uNyazilwezulu uthi kubalulekile ukuthi imiphakathi ifundiswe ukuthi akumele ishise ingqalasizinda uma ingeneme ngokuthile.

UNyazi lukhulume kanjena ngesikhathi izinkumbi zamalungu ebandla lamaNazaretha zibambe umkhuleko enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.

Isikhathi esiningi izakhamuzi zakuleli zishisa amathayi zicekele phansi nempahla uma zifuna ukulalelwa nguhulumeni.

Ngonyaka owedlule umphakathi owakhele umasipala wesifunda Ugu eningizimu yesifundazwe washisa amahhovisi kamasipala kanye namaloli ukhala ngamanzi.

Unyazi ke luthi umphakathi kumele uhambise uhlu lwezikhalozawo kulabo abathintekayo … hhayi ukushisa ingqala sizinda.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background