UNzimande Akavumelani Nokusiza Abafundi Ngemali Yomnyango

Written by on 4 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe wezemfundo emabangeni aphakeme, uBlade Nzimande, uthi kuyiphutha ukuthi basebenzise imali yomnyango ukusiza abafundi ngemali.

uNzimande uvele phambi kwekomidi elibhekelele imfundo ephakeme ePhalamende.

Oyisikhulu esiphezulu kulomnyango ethula imbiko uveze ukuthi basebenzise enye imali ukubhekelela abafundi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni konyaka abafundi emanyuvesi amaningi bangenele imibhikisho bekhala ngokuthi labo abanezikwelentu bavunyelwe ukubhalisa.

Komunye umbhikisho eNyuvesi iWits ugcine usudlula nomphefumulo ka-Mthokozisi Ntumba. owadusthulwa ngamaphoyisa evela emtholampilo.

uNzimande uthi noma bezilalela izikhalo zabafundi kodwa angeke bathathe imali eyabelwe lomnyango bayisebenzisele lokho engabelwanga khona.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background