Uphiko Lwabesifazane ku-ANC Lweseka uDube-Ncube Phezulu

Written by on 25 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ubuholi be-ANC Women’s league KwaZulu-Natal sebuthathe isinqumo sokweseka umgcinimafa waleliqembi kulesifundazwe, uNomusa Dube-Ncube, njengokufanele angenele umbango wokuba ngusihlalo.

I-ANC eKZN kulindeleke ukuthi ikhethe ubuholi obusha ungakapheli uJune, njengoba siphela isikhathi sobuholi obudala obuholwa nguSihle Zikalala.

UDube-Ncube uma enqoba ukhetho uzoba ngowesifazane wokuqala ukuthi abe ngusihlalo walenhlangano kulesifundazwe.

Loluphiko luthi usekela sihlalo lufuna kube-nguNomagugu Simelane, usekela nobhala kube uBongi Sithole Moloi besekuthi umgcinimafa kube uPeggy Nkonyeni.

Usomabhizinisi nophinde abe ngusihlalo weqembu lebhola Amazulu FC uSandile Zungu, naye kuvela ukuthi uzimisele ukungenela umbango kasihlalo.

Oyisikhulumi seANC Women’s League eKZN, uMbali Frazer, uthi ukufakwa kwabesifazane ebuholini obuphezulu kuzosiza ukulwa nezinkinga.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background