Uphiko lwentsha lukhathazekile ngodlame olubhekiswe kwabesifazane
Written by Lethiwe Mdluli on 15 June, 2020
Uphiko lwentsha lwe ANC kuzwelonke, iANC Youth League National Task Team, luthi lukhathazekile ngokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwezingane nabantu besfazane.
Loluphiko luphawula kanjena nje kulandela ukwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu besfazane abasebasha kanjalo nokubulawa ngesihluku kwezaguga.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, uSizophila Mkhize, okhulumela loluphiko uthi lezi zigameko zenza abantu besfazane bengakhululeki futhi behlalelovalweni ngaso sonke isikhathi.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
UMkhize uqhuba ngokuthi sebenxuse nongqongqoshe wezobulungiswa kuzwelonke uRonald Lamola ukuthi aqinise isigwebo esinikezwa labo abasuke belahlwe ngamacala okuhlukumeza ukuze kuzothumeleka umyalezo oqinile kuzigilamkhuba.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Bongani Gina