Uphiko lwezomthetho ephalamende lusola Indlulamithi ngokwephula umthetho. 

Written by on 13 February, 2025

By: Bright Ntuli

Uphiko lwezoMthetho ePhalamende luthi iSilo saMaZulu, uMisuzulu kaZwelithini senza okuphambene nomthetho ngesikhathi simisa amalungu ebhodi leNgonyama Trust; ngaphambi kokuthi siziqoke sona ukuba ngusihlalo walelibhodi.

Ikomidi lePhalamende elibhekele ukubuyiswa komhlaba kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya lithole umbono wezomthetho ngoLwesithathu, omayelana nezeseko kanjalo nezimiso zale Trust kanye nebhodi layo, ubunikazi, kanye namandla kangqongqoshe.

Umeluleki wezomthetho ePhalamende, uBulelani Simani, uthe iSilo uMisuzulu saphula umthetho ngesenzo saso.

Ubeke wathi usihlalo webhodi akanawo amandla okuqoka, ukumisa noma ukuxosha amalungu ebhodi. Ungqongqoshe kuphela onalawomandla, nakhona emva kokuthi elandele yonke imigudu, waphinde wabhunga nazo zonke izikhulu ezithintekayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background