Uphinde wahlonishwa uThembi Mtshali-Jones

Written by on 31 August, 2022

 

INGWAZI yomlingisi, uThembi Mtshali-Jones, nomsakazi weGagasi FM, uZisto Mhlongo, kumaGagasi FM Shero Awards eMhlanga, izolo. Isithombe: FACEBOOK

INGWAZI yomlingisi, uThembi Mtshali-Jones, nomsakazi weGagasi FM, uZisto Mhlongo, kumaGagasi FM Shero Awards eMhlanga, izolo. Isithombe: FACEBOOK

ISOLEZWE

Fanelesibonge Bengu | August 29, 2022

IPHINDE yahlonishwa ngeqhaza layo kwezobuciko ingwazi yezokulingisa uThembi Mtshali-Jones emcimbini IGagasi FM Shero Awards.

Lo mlingisi udlala indawo kaMaNdlovu kwiMbewu ngo-9 ebusuku phakathi nesonto kwi-e.tv.

Ngenyanga edlule, uhlonishwe ngeziqu zobudokodela (Doctor of Philosophy in Visual Arts) yiDurban University of Technology, emcimbini obuseNkosi Albert Luthuli Durban International Convention Centre.

NgeSonto, uhlonishwe yiGagasi emiklomelweni yayo. Le miklomelo iqhakambisa abesifazane abenza kahle emikhakheni ehlukene.

“Siyajabula kakhulu ukubona umkhankaso, iGagasi FM Shero Awards, ulokhu uqhubeke njalo nokukhula,” kusho uKhulekani Shandu, okhulumela isiteshi.

“Abalaleli bethu bakhombise elikhulu isasasa, kwazise sike sathi ukuphazamiseka ekwenzeni umcimbi wamaShero ngenxa yeCovid-19. Sihloniphe ngokukhethekile umama uThembi Mtshali ngeqhaza alibambile emkhakheni wezokulingisa.”

Abalaleli bebethumela amagama abafuna beqokwe.

Umculi oNomfundo Moh udle umhlanganiso emunxeni we-Entertainment and Music ehlula usomahlaya uCeleste Ntuli.

  1. Selulonke uhla lwabanqobile lumi kanje:
  2. Creative Arts – Makhosazane Ntshangase
  3. Sports – Phiwokuhle Sibusisiwe Mnguni
  4. Science and Technology – Dkt Nqobile Jaca
  5. Big Business Professional – Palesa Phili
  6. Enterprise – Simphiwe Precious Mhlongo
  7. Social Entrepreneurship – Vicky Denise Chili
  8. Education – Gloria Mngadi
  9. Public Service – Lihle Mlotshwa
  10. Community Leadership – Sinenhlnhla Sibeko
  11. KZN Ambassador – Thandazile Mbeje

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background